Mathewu 24

24
Mathewu 24
1UJesu waphuma wamuka ethempelini; abafundi bakhe beza kuye ukumbonisa izakhiwo zethempeli.
2UJesu wathi kubo: “Aniziboni zonke lezi zinto na? ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.
3Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na?
4UJesu waphendula wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu.
5Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi.
6Niyakuzwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, bhekani ningethuki;
7Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
8Konke lokhu kungukuqala kwemihelo.
9Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
10Khona abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane.
11Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.
12Nangenxa yokwanda kobubi, uthando lwabaningi luyophola.
13Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
14Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.
15Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;)
16Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni;
17Ophezu kwendlu kangehli ukukhupha ulutho endlini yakhe;
18Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha izingubo zakhe.
19Maye kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku!
20Kodwa khulekani ukuthi ukubaleka kwenu kungabi sebusika, loba ngesabatha;
21Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.
22Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungayikusindiswa nyama, kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.
23Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu, noma: Nanguya; ningakholwa.
24Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.
25Bhekani, nginitshelile ngaphambili.
26Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane; ningaphumi; bheka, usendlini ecashile; ningakholwa.
27Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
28Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.
29Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa.
30Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.
31Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.
32Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithambile, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze;
33Kanjalo nani, nxa nibona zonke lezi zinto, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.
34Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.
35Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
36Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi zezulu, naBaba kuphela.
37Kepha njengokuba zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
38Ngokuba njengasezinsukwini zangaphambi kukazamcolo babedla, bephuza, beshada, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,
39futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
40Khona ababili bayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe.
41Abesifazane ababili bayakube besila etsheni; omunye athathwe, omunye ashiywe.
42Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngasiphi isikhathi.
43Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe.
44Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.
45Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?
46Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo nxa ifika iyifumane yenze njalo.
47Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.
48Kodwa uba leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika;
49uyakuqala ukushaya izinceku kanye naye, nokudla nokuphuza nezidakwa;
50Inkosi yaleyonceku izafika ngosuku engayibheki ngayo, langehola engasiloyo.
51iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 24: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo