Mathewu 21:1-11

Mathewu 21:1-11 CZB24

Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefikile eBetfage, entabeni yeMihlwathi, uJesu wathuma abafundi ababili, Wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe, nethole linayo; Uma umuntu esho utho kini, anothi: INkosi iyazidinga; njalo uzahle azithumele. Konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo; Abafundi basebehamba benza njengokulaywa kukaJesu. Baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, bamhlalisa phezu kwazo. Isixuku esikhulu kakhulu sendlala izingubo zaso endleleni; abanye bagawula amagatsha emithini, bawandlala endleleni. Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu. Esengenile eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na? Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi uJesu waseNazaretha laseGalile.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 21:1-11

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo