Mathewu 21

21
Mathewu 21
1Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefikile eBetfage, entabeni yeMihlwathi, uJesu wathuma abafundi ababili,
2Wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe, nethole linayo;
3Uma umuntu esho utho kini, anothi: INkosi iyazidinga; njalo uzahle azithumele.
4Konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi:
5Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo;
6Abafundi basebehamba benza njengokulaywa kukaJesu.
7Baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, bamhlalisa phezu kwazo.
8Isixuku esikhulu kakhulu sendlala izingubo zaso endleleni; abanye bagawula amagatsha emithini, bawandlala endleleni.
9Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu.
10Esengenile eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na?
11Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi uJesu waseNazaretha laseGalile.
12UJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
13Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi.
14Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini; wasebasilisa.
15Kwathi abapristi abakhulu nababhali bebona izimangaliso azenzayo, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! babethukuthele kakhulu,
16Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na?
17Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona.
18Kwathi ebuyela emzini ekuseni, walamba.
19Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane.
20Sebekubona lokho abafundi bakhe bamangala, bathi: “Umkhiwane ubune masinyane kangakanani na?
21UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa.
22Nakho konke eniyakukucela ngokukhuleka nikholwa, niyakwamukeliswa.
23Esangena ethempelini, abapristi abakhulu namalunga esizwe beza kuye esafundisa, bathi: “Lokhu uzenza ngagunya lini na? njalo ngubani okunike leligunya?
24UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi libe-linye; uma ningitshela khona, nami ngizalitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
25Ubhapathizo lukaJohane lwavelaphi na? ezulwini noma kubantu na? Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi kithi: Pho, anikholwanga nguye ngani na?
26Kodwa uba sisithi: Kubantu; siyabesaba abantu; ngoba bonke bathi uJohane ungumprofethi.
27Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi. Wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
28Kepha nithini na? Umuntu othile wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini sami.
29Wasephendula wathi: Kangithandi; kodwa waphenduka wahamba.
30Wasesiza kowesibili, wakhuluma ngokunjalo. Wasephendula wathi: Ngiyahamba, nkosi;
31Ngumuphi kulaba ababili owenza intando kayise na? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.
32Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye;
33Zwanini omunye umfanekiso: Kwakukhona umninindlu owahlanyela isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini kuso, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya elizweni elikhatshana.
34Kwathi sekusondele isikhathi sesithelo, wathuma inceku zakhe kubalimi ukuthi bathathe izithelo zazo.
35Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.
36Abuye wathuma ezinye izinceku eziningi kunezokuqala, benze njalo nakuzo.
37Kodwa ekugcineni wathumela kubo indodana yakhe, ethi: Bayakuyazisa indodana yami.
38Kodwa abalimi sebeyibonile indodana bakhulumisana besithi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.
39Basebembamba, bamkhiphela ngaphandle kwesivini, bambulala.
40Nxa umninisivini efika, uzabenzani labo balimi?
41Bathi kuye: “Uyakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe asiqashe kwabanye abalimi, abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.
42UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi;
43Ngakho-ke ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, unikwe isizwe esithela izithelo zawo.
44Nalowo owela phezu kwaleli tshe uyakuphihlizwa, kepha lowo eliwela phezu kwakhe liyakumcolisa.
45Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe baqonda ukuthi ukhuluma ngabo.
46Kodwa befuna ukumbamba, besaba izixuku, ngoba babethi ungumprofethi.

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 21: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo