NgokukaMathewu 21:1-11

NgokukaMathewu 21:1-11 ZUL59

Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi. Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.” Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.” Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile, baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo. Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni. Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!” Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?” Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 21:1-11

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo