NgokukaMathewu 21:1-11
NgokukaMathewu 21:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi. Uma umuntu esho utho kini, anothi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzithumela masinyane.” Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.” Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile, baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo. Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni. Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!” Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?” Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”
NgokukaMathewu 21:1-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefikile eBetfage, entabeni yeMihlwathi, uJesu wathuma abafundi ababili, Wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe, nethole linayo; Uma umuntu esho utho kini, anothi: INkosi iyazidinga; njalo uzahle azithumele. Konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo; Abafundi basebehamba benza njengokulaywa kukaJesu. Baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, bamhlalisa phezu kwazo. Isixuku esikhulu kakhulu sendlala izingubo zaso endleleni; abanye bagawula amagatsha emithini, bawandlala endleleni. Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu. Esengenile eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na? Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi uJesu waseNazaretha laseGalile.
NgokukaMathewu 21:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefike eBhethifage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni oqondene nani; nxa nifika nizakufumana imbongolo ikhulekiwe nethole linayo. Zithukululeni nizilethe kimi. Uma kukhona umuntu osho utho kini, niyakuthi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzibuyisa ngokushesha.” Lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngomphrofethi ukuthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe ithobekile, igibele embongolweni; yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.” Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile. Bayiletha imbongolo nethole, base bebeka izingubo zabo phezu kwazo, uJesu wayesehlala phezu kwezingubo. Isixuku esikhulu sendlala izingubo zaso endleleni, abanye bagawula amagatsha emithi, bawendlala endleleni. Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!” Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na?” Izixuku zazithi: “Lo ngumphrofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.”
NgokukaMathewu 21:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)