Mathewu 19:16-30

Mathewu 19:16-30 CZB24

Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na? Wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, okunguNkulunkulu; kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalo. Wathi kuye: Yiphi? UJesu wathi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami; UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngalokho onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele. Kodwa ijaha selizwile lelolizwi, lahamba lidabukile, ngoba lalinengcebo enengi. UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Ocebileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. Njalo futhi ngithi kini: Kulula ukuthi ikamela lingene ngentunja yenalithi, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. Kwathi sebezwile abafundi bakhe bamangala kakhulu, bathi: Pho kungasindiswa bani? Kodwa uJesu wabakhangela wathi kubo: Kubantu lokhu kakwenzeki; kodwa kuNkulunkulu zonke izinto ziyenzeka. UPetru waphendula, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela; siyakufumanani na? UJesu wasesithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Lina elingilandelayo, ekuzalweni kutsha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, lani lizahlala ezihlalweni zobukhosi ezilitshumi lambili, lahlulele izizwe ezilitshumi lambili zakoIsrayeli. Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu, ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kakhulu, adle ifa lokuphila okuphakade. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina; futhi abokugcina bayakuba ngabokuqala.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 19:16-30