NgokukaMathewu 19:16-30

NgokukaMathewu 19:16-30 ZUL20

Nakho-ke sekusondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngingenzani enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?” Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye kuphela omuhle, kodwa uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.” Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi kuye: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; hlonipha uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Insizwa yathi kuJesu: “Konke lokhu ngikugcinile, pho ngisasalelwe yini na?” UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.” Kuthe insizwa seyilizwile lelo lizwi, yahamba ilusizi, ngokuba yayicebe kakhulu. Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: kulukhuni konothileyo ukungena embusweni wezulu. Futhi ngithi kini: kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.” Sebekuzwile lokhu abafundi, bamangala kakhulu, bathi: “Pho ngubani-ke ongasindiswa na?” Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” UPhethro wayesethi kuye: “Thina sishiye konke, sakulandela. Pho uyini umvuzo wethu na?” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade. Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabangabokugcina bayakuba ngabokuqala.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 19:16-30