NgokukaMathewu 19:16-30

NgokukaMathewu 19:16-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na? Wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, okunguNkulunkulu; kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalo. Wathi kuye: Yiphi? UJesu wathi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami; UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngalokho onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele. Kodwa ijaha selizwile lelolizwi, lahamba lidabukile, ngoba lalinengcebo enengi. UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Ocebileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. Njalo futhi ngithi kini: Kulula ukuthi ikamela lingene ngentunja yenalithi, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. Kwathi sebezwile abafundi bakhe bamangala kakhulu, bathi: Pho kungasindiswa bani? Kodwa uJesu wabakhangela wathi kubo: Kubantu lokhu kakwenzeki; kodwa kuNkulunkulu zonke izinto ziyenzeka. UPetru waphendula, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela; siyakufumanani na? UJesu wasesithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Lina elingilandelayo, ekuzalweni kutsha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, lani lizahlala ezihlalweni zobukhosi ezilitshumi lambili, lahlulele izizwe ezilitshumi lambili zakoIsrayeli. Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu, ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kakhulu, adle ifa lokuphila okuphakade. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina; futhi abokugcina bayakuba ngabokuqala.

NgokukaMathewu 19:16-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Nakho-ke sekusondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngingenzani enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?” Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye kuphela omuhle, kodwa uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.” Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi kuye: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; hlonipha uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Insizwa yathi kuJesu: “Konke lokhu ngikugcinile, pho ngisasalelwe yini na?” UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.” Kuthe insizwa seyilizwile lelo lizwi, yahamba ilusizi, ngokuba yayicebe kakhulu. Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: kulukhuni konothileyo ukungena embusweni wezulu. Futhi ngithi kini: kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.” Sebekuzwile lokhu abafundi, bamangala kakhulu, bathi: “Pho ngubani-ke ongasindiswa na?” Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” UPhethro wayesethi kuye: “Thina sishiye konke, sakulandela. Pho uyini umvuzo wethu na?” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade. Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabangabokugcina bayakuba ngabokuqala.”

NgokukaMathewu 19:16-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?” Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.” Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?” UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu. Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: “Pho, kungasindiswa bani na?” Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.” Khona uPetru wathatha wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?” Wathi kubo uJesu: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.

NgokukaMathewu 19:16-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)