NgokukaMathewu 19:16-30

NgokukaMathewu 19:16-30 ZUL59

Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?” Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.” Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?” UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu. Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: “Pho, kungasindiswa bani na?” Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.” Khona uPetru wathatha wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?” Wathi kubo uJesu: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade. Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 19:16-30

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo