Mathewu 12:46-50

Mathewu 12:46-50 CZB24

Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe. Kodwa waphendula wathi komtshelayo: Ngubani umame? futhi bangobani abafowethu? Wayeselulela isandla sakhe kubafundi bakhe, wathi: “Bhekani, uma nabafowethu! Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu, nodadewethu, nomame.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 12:46-50