Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Kukhona unyoko nabafowenu abami ngaphandle, bafuna ukukhuluma nawe.” Kepha uJesu waphendula, wathi kuye: “Ngubani umame, nabafowethu bangobani na?” Welula isandla sakhe wakhomba abafundi bakhe, wathi: “Niyabona, nangu umame, nabafowethu. Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.”
Funda NgokukaMathewu 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 12:46-50
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo