NgokukaMathewu 12:46-50

NgokukaMathewu 12:46-50 ZUL59

Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.” Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: “Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?” Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Bhekani nangu umame nabafowethu. Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 12:46-50