Wehla nabo, wema ethafeni, nesixuku sabafundi bakhe, nesixuku esikhulu sabantu abavela kulo lonke elaseJudiya neJerusalema, nasogwini lolwandle lwaseTire neSidoni, abeza ukuzomuzwa, bamlalele. Ukuphulukiswa ezifweni zabo; Lababekhathazwa omoya abangcolileyo, basiliswa. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwaphuma amandla kuye, abaphulukisa bonke. Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu. Thokozani ngalolo suku, nigxumagxume, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba benze njalo oyise kubaprofethi.
Funda Luka 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 6:17-23
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo