Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni, ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke. Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Nibusisiwe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu, ngokuba niyakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu. “Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.
Funda NgokukaLuka 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 6:17-23
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo