NgokukaLuka 6:17-23
NgokukaLuka 6:17-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wehla nabo, wema ethafeni, nesixuku sabafundi bakhe, nesixuku esikhulu sabantu abavela kulo lonke elaseJudiya neJerusalema, nasogwini lolwandle lwaseTire neSidoni, abeza ukuzomuzwa, bamlalele. ukuphulukiswa ezifweni zabo; Lababekhathazwa omoya abangcolileyo, basiliswa. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwaphuma amandla kuye, abaphulukisa bonke. Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu. Thokozani ngalolo suku, nigxumagxume, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba benze njalo oyise kubaprofethi.
NgokukaLuka 6:17-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni, ababeze ukuzomlalela nokuba baphulukiswe ezifeni zabo, nalabo ababehlushwa ngomoya abangcolileyo; baphulukiswa. Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngokuba kwakunamandla ayephuma kuye aphilisa bonke. UJesu, ewaphakamisela amehlo ngakubafundi, wathi: “Nibusisiwe nina enimpofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka. Nibusisiwe nxa abantu benizonda, benihlulula, benithuka, belichitha igama lenu sengathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu. “Thokozani ngalolo lusuku, nitshekulise okwamathole yinjabulo. Ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini. Oyise benza kanjalo kubaphrofethi.
NgokukaLuka 6:17-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni, ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke. Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Nibusisiwe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu, ngokuba niyakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu. “Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.
NgokukaLuka 6:17-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wehla nabo, wema ethafeni, nesixuku sabafundi bakhe, nesixuku esikhulu sabantu abavela kulo lonke elaseJudiya neJerusalema, nasogwini lolwandle lwaseTire neSidoni, abeza ukuzomuzwa, bamlalele. Ukuphulukiswa ezifweni zabo; Lababekhathazwa omoya abangcolileyo, basiliswa. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwaphuma amandla kuye, abaphulukisa bonke. Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu. Thokozani ngalolo suku, nigxumagxume, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba benze njalo oyise kubaprofethi.