Luka 6

6
Luka 6
1Kwathi ngesabatha lesibili ngesabatha lokuqala, wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla, bezihlikihla ngezandla.
2Abanye babaFarisi bathi kubo: “Nenzelani okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha na?
3UJesu wabaphendula wathi: “Anifundanga yini nalokhu akwenzayo uDavide mhla elambile yena nababe naye;
4Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa, wadla, wanika nababe naye; okungavunyelwe ukudliwa ngaphandle kwabapristi bodwa?
5Wasesithi kubo: INdodana yomuntu iyiNkosi leyesabatha.
6Kwathi futhi ngelinye isabatha wangena esinagogeni, wafundisa; kwakukhona umuntu osandla sakhe sokunene sasishwabene.
7Ababhali nabaFarisi bamqaphela ukuthi uyakwelapha ngesabatha; ukuze bathole ukumbeka icala.
8Kodwa yena wayeyazi imicabango yabo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma wema.
9UJesu wasesithi kubo: Ngizalibuza ilizwi libe linye; Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? ukusindisa ukuphila, noma ukukubhubhisa?
10Wasebaqalaza bonke, wathi endodeni: Yelula isandla sakho. Wenze njalo: saphiliswa isandla sakhe, saba njengesinye.
11Base begcwala ukuhlanya; basebekhulumisana bodwa ukuthi bangamenzani uJesu.
12Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.
13Kwathi sekusile, wabizela kuye abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba futhi ngokuthi abaphostoli;
14uSimoni owaqamba laye ngokuthi nguPetro, loAndreya umfowabo, uJakobe, loJohane, loFiliphu, loBartolomewu,
15uMathewu loTomasi, uJakobe kaAlfewu, loSimoni othiwa nguZelote,
16noJuda umfowabo kaJakobe, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
17Wehla nabo, wema ethafeni, nesixuku sabafundi bakhe, nesixuku esikhulu sabantu abavela kulo lonke elaseJudiya neJerusalema, nasogwini lolwandle lwaseTire neSidoni, abeza ukuzomuzwa, bamlalele. Ukuphulukiswa ezifweni zabo;
18Lababekhathazwa omoya abangcolileyo, basiliswa.
19Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwaphuma amandla kuye, abaphulukisa bonke.
20Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
21Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka.
22Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.
23Thokozani ngalolo suku, nigxumagxume, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba benze njalo oyise kubaprofethi.
24Kodwa maye kini lina elicebileyo! ngokuba seniyitholile induduzo yenu.
25Maye kini enisuthi! ngoba nizakulamba. Maye kinina enihlekayo manje! ngokuba niyakulila, nikhale.
26Maye kini, nxa bonke abantu bekhuluma kahle ngani! ngoba oyise babo benza njalo kubaprofethi bamanga.
27Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabalizondayo;
28Babusiseni abaniqalekisayo, nibakhulekele abaniphatha kabi.
29Okushaya esihlathini mnike nesinye; nokwephuca ingubo yakho, ungamaleli nengubo yakho.
30Muphe wonke umuntu ocela kuwe; nokwaphuca impahla yakho, ungabuyi uyicele kuye.
31Nalokho enithanda ukuba abantu benze kini, yenzani kanjalo nani kubo.
32Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo.
33Uma nenza okuhle kwabanenzela okuhle, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zenza njalo.
34Futhi uma nitsheleka enithemba ukwemukela kubo, ninakubongwa kuni na? ngokuba nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele lokho.
35Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.
36Ngakho yibani-nesihawu, njengalokhu noYihlo enesihawu.
37Ningahluleli, khona aniyikwahlulelwa; ningalahli, khona aniyikulahlwa;
38Yiphani, khona niyakuphiwa; isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishiwe, esichichimayo, bayakuninika esifubeni senu. Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
39Wasebatshela umfanekiso wokuthi: Isiphofu ingahola impumputhe na? Kabayikuwela emgodini bobabili yini?
40Umfundi kaphezu komfundisi wakhe, kepha yilowo nalowo opheleleyo uyakuba njengomfundisi wakhe.
41Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?
42Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke wobona kahle ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.
43Ngokuba akusimuthi omuhle othela isithelo esibi; futhi kawukho umuthi omubi othela isithelo esihle.
44Ngokuba yilowo nalowomuthi waziwa ngesithelo sawo. Ngokuba abantu abawakhi amakhiwane emeveni, nababutha izithelo zomvini esihlahleni esihlahleni.
45Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo yakhe uveza okuhle; nomuntu omubi emfuyweni embi yenhliziyo yakhe ukhipha okubi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
46Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ kodwa ningakwenzi engikushoyo na?
47Loba ngubani oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizalitshengisa ukuthi ufana lobani;
48Ufana nomuntu owakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo phezu kwedwala;
49Kepha ozwayo, angakwenzi, ufana nomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula washaya ngamandla, yawa masinyane; futhi ukubhidlika kwaleyondlu kwaba kukhulu.

Okuqokiwe okwamanje:

Luka 6: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo