Kwase kusuka isixuku sabo sonke, samyisa kuPilatu. Base beqala ukumthwesa icala, besithi: Simfumene lo edukisa isizwe, enqabela ukuthela kuKesari, esithi yena unguKristu iNkosi. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena. UPilatu wayesethi kubapristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu. Baqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqala eGalile waze wafika lapha. UPilatu esezwile ngeGalile wabuza ukuthi lowomuntu ungowaseGalile yini. Kwathi esekwazi ukuthi ungowombuso kaHerodi, wamthumela kuHerodi, owayekhona laye eJerusalema ngalesosikhathi. UHerode embona uJesu wajabula kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzobona isibonakaliso senziwa nguye. Wasembuza ngamazwi amaningi; kodwa akamphendulanga lutho. Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu. UHerodi lamabutho akhe bameyisa, bamklolodela, bamgqokisa isembatho esikhazimulayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabangane, ngokuba ngaphambili babenobutha phakathi kwabo.
Funda Luka 23
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 23:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo