Kwasuka lonke uquqaba lwamqhuba uJesu, lwamyisa kuPilatu. Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.” UPilatu wambuza, wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Wamphendula wathi: “Kusho wena.” UPilatu wayesethi kubaphristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.” Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.” UPilatu esezwa lokho wabuza ukuthi lo muntu ungowaseGalile yini na? Esezwile ukuthi uvela esifundeni sikaHerode, wamdlulisela kuHerode owayeseJerusalema ngalezo zinsuku. UHerode lapho ebona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efisa ukumbona, lokhu wayesezwile ngaye futhi enethemba lokuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguJesu. UHerode wambuza ngokuningi, kodwa kamphendulanga ngalutho. Abaphristi abakhulu nezazimthetho babemile, belokhu bephikelele bemmangalela. Kepha uHerode namabutho akhe bamedelela, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo lusuku uPilatu noHerode baba ngabangani, njengokuba phambilini kwakukhona ubutha phakathi kwabo.
Funda NgokukaLuka 23
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 23:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo