Kwase kusuka uquqaba lonke, lwamyisa kuPilatu. Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.” UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Wamphendula wathi: “Usho khona.” Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku: “Angifumani cala kulo muntu.” Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.” UPilatu esezwa lokho wabuza ukuba lowo muntu ungowaseGalile yini. Esethole ukwazi ukuthi ungowesifunda sikaHerode, wamthumela kuHerode owayekhona naye eJerusalema ngalezo zinsuku. Kwathi uHerode embona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kukade efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye. Wambuza ngamazwi amaningi, kepha yena kamphendulanga ngalutho. Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu. Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabahlobo; ngokuba ngaphambili kwakukhona ubutha phakathi kwabo.
Funda NgokukaLuka 23
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 23:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo