NgokukaLuka 23:1-12
NgokukaLuka 23:1-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwase kusuka isixuku sabo sonke, samyisa kuPilatu. Base beqala ukumthwesa icala, besithi: Simfumene lo edukisa isizwe, enqabela ukuthela kuKesari, esithi yena unguKristu iNkosi. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena. UPilatu wayesethi kubapristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu. Baqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqala eGalile waze wafika lapha. UPilatu esezwile ngeGalile wabuza ukuthi lowomuntu ungowaseGalile yini. Kwathi esekwazi ukuthi ungowombuso kaHerodi, wamthumela kuHerodi, owayekhona laye eJerusalema ngalesosikhathi. UHerode embona uJesu wajabula kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzobona isibonakaliso senziwa nguye. Wasembuza ngamazwi amaningi; kodwa akamphendulanga lutho. Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu. UHerodi lamabutho akhe bameyisa, bamklolodela, bamgqokisa isembatho esikhazimulayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabangane, ngokuba ngaphambili babenobutha phakathi kwabo.
NgokukaLuka 23:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwasuka lonke uquqaba lwamqhuba uJesu, lwamyisa kuPilatu. Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.” UPilatu wambuza, wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Wamphendula wathi: “Kusho wena.” UPilatu wayesethi kubaphristi abakhulu nasezixukwini: “Angitholi cala kulo muntu.” Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.” UPilatu esezwa lokho wabuza ukuthi lo muntu ungowaseGalile yini na? Esezwile ukuthi uvela esifundeni sikaHerode, wamdlulisela kuHerode owayeseJerusalema ngalezo zinsuku. UHerode lapho ebona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kuyisikhathi eside efisa ukumbona, lokhu wayesezwile ngaye futhi enethemba lokuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguJesu. UHerode wambuza ngokuningi, kodwa kamphendulanga ngalutho. Abaphristi abakhulu nezazimthetho babemile, belokhu bephikelele bemmangalela. Kepha uHerode namabutho akhe bamedelela, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo lusuku uPilatu noHerode baba ngabangani, njengokuba phambilini kwakukhona ubutha phakathi kwabo.
NgokukaLuka 23:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kusuka uquqaba lonke, lwamyisa kuPilatu. Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.” UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Wamphendula wathi: “Usho khona.” Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku: “Angifumani cala kulo muntu.” Kwayikhona beqinisa kakhulu, bethi: “Uvusa abantu efundisa kulo lonke laseJudiya, eqalile kwelaseGalile, waze wafika lapha.” UPilatu esezwa lokho wabuza ukuba lowo muntu ungowaseGalile yini. Esethole ukwazi ukuthi ungowesifunda sikaHerode, wamthumela kuHerode owayekhona naye eJerusalema ngalezo zinsuku. Kwathi uHerode embona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kukade efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye. Wambuza ngamazwi amaningi, kepha yena kamphendulanga ngalutho. Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu. Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu. Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabahlobo; ngokuba ngaphambili kwakukhona ubutha phakathi kwabo.
NgokukaLuka 23:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)