Luka 22:1-6

Luka 22:1-6 CZB24

Kwase kusondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika. Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambulala kanjani; ngoba babesaba abantu. Khona uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili. Wasuka wahamba, wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna, ukuthi angamkhaphela kanjani kubo. Base bejabula, bavumelana naye ukumnika imali. Wavuma, wafuna ithuba elihle lokumkhaphela kubo singekho isixuku.

Funda Luka 22