NgokukaLuka 22:1-6
NgokukaLuka 22:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wawususondele umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, okuthiwa yiPhasika. Abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna iqhinga lokuthi bangambulala kanjani uJesu, ngokuba babesaba abantu. USathane wangena kuJuda okuthiwa u-Iskariyothe, owayengomunye wabalishumi nambili. Wasuka wayobhunga nabaphristi abakhulu nezinduna, ukuthi angamkhaphela kanjani uJesu kubo. Bathokoza, base bevumelana naye ngokumkhokhela imali. Wavuma-ke, wayesefuna ithuba lokumkhaphela, singekho isixuku.
NgokukaLuka 22:1-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwase kusondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika. Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambulala kanjani; ngoba babesaba abantu. Khona uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili. Wasuka wahamba, wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna, ukuthi angamkhaphela kanjani kubo. Base bejabula, bavumelana naye ukumnika imali. Wavuma, wafuna ithuba elihle lokumkhaphela kubo singekho isixuku.
NgokukaLuka 22:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika. Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu. Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili. Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo. Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali. Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku.
NgokukaLuka 22:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)