NgokukaLuka 22:1-6

NgokukaLuka 22:1-6 ZUL59

Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika. Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu. Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili. Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo. Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali. Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo