Wawususondele umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, okuthiwa yiPhasika. Abaphristi abakhulu nezazimthetho babefuna iqhinga lokuthi bangambulala kanjani uJesu, ngokuba babesaba abantu. USathane wangena kuJuda okuthiwa u-Iskariyothe, owayengomunye wabalishumi nambili. Wasuka wayobhunga nabaphristi abakhulu nezinduna, ukuthi angamkhaphela kanjani uJesu kubo. Bathokoza, base bevumelana naye ngokumkhokhela imali. Wavuma-ke, wayesefuna ithuba lokumkhaphela, singekho isixuku.
Funda NgokukaLuka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 22:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo