Johane 7:1-9

Johane 7:1-9 CZB24

Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala. Umkhosi wabaJuda wamadokodo wawususondele. Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi oyenzayo. Ngokuba akakho owenza utho ekusithekeni, yena ngokwakhe efuna ukwaziwa obala. Uma wenza lezizinto, zibonakalise emhlabeni. Ngokuba nabafowabo babengakholwa kuye. Khona uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kepha isikhathi senu sihlezi silungile. Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi. Khuphukani nina niye emkhosini; mina angikakhuphukeli kulo mkhosi; ngoba isikhathi sami asikafiki. Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.

Funda Johane 7