NgokukaJohane 7:1-9
NgokukaJohane 7:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala. Umkhosi wabaJuda wamadokodo wawususondele. Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi oyenzayo. Ngokuba akakho owenza utho ekusithekeni, yena ngokwakhe efuna ukwaziwa obala. Uma wenza lezizinto, zibonakalise emhlabeni. Ngokuba nabafowabo babengakholwa kuye. Khona uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kepha isikhathi senu sihlezi silungile. Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi. Khuphukani nina niye emkhosini; mina angikakhuphukeli kulo mkhosi; ngoba isikhathi sami asikafiki. Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.
NgokukaJohane 7:1-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 7:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emva kwalokho uJesu wahlala eGalile, ngokuba wayengathandi ukuya eJudiya, lokhu abaJuda babefuna ukumbulala. Wawususondele uMkhosi wabaJuda wamaDokodo. Abafowabo bakaJesu, bathi kuye: “Suka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo. Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, ebe yena uqobo efuna ukwaziwa. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise ezweni.” Phela ngisho abafowabo imbala babengakholwa nguye. Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kodwa esenu sihlale silungile njalo. Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. Nina khuphukelani emkhosini. Mina angiyi kulo mkhosi, ngokuba isikhathi sami asikapheleli.” Esekukhulumile lokho, wahlala eGalile.
NgokukaJohane 7:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala. Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo. Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo. Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.” Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye. Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, isikhathi senu silungile njalo. Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.” Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.