Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala. Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo. Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo. Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.” Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye. Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, isikhathi senu silungile njalo. Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.” Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.
Funda NgokukaJohane 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 7:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo