NgokukaJohane 7:1-9

NgokukaJohane 7:1-9 ZUL20

Emva kwalokho uJesu wahlala eGalile, ngokuba wayengathandi ukuya eJudiya, lokhu abaJuda babefuna ukumbulala. Wawususondele uMkhosi wabaJuda wamaDokodo. Abafowabo bakaJesu, bathi kuye: “Suka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo. Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, ebe yena uqobo efuna ukwaziwa. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise ezweni.” Phela ngisho abafowabo imbala babengakholwa nguye. Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kodwa esenu sihlale silungile njalo. Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. Nina khuphukelani emkhosini. Mina angiyi kulo mkhosi, ngokuba isikhathi sami asikapheleli.” Esekukhulumile lokho, wahlala eGalile.