Johane 7

7
Johane 7
1Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.
2Umkhosi wabaJuda wamadokodo wawususondele.
3Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi oyenzayo.
4Ngokuba akakho owenza utho ekusithekeni, yena ngokwakhe efuna ukwaziwa obala. Uma wenza lezizinto, zibonakalise emhlabeni.
5Ngokuba nabafowabo babengakholwa kuye.
6Khona uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kepha isikhathi senu sihlezi silungile.
7Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi.
8Khuphukani nina niye emkhosini; mina angikakhuphukeli kulo mkhosi; ngoba isikhathi sami asikafiki.
9Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.
10Kepha abafowabo sebenyukile, naye wenyuka waya emkhosini, kungesobala kodwa kungathi ngasese.
11AmaJuda amdinga emkhosini, athi: Ungaphi yena?
12Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye esixukwini, abanye bathi: “Umuhle;” abanye bathi: “Qha; kodwa udukisa abantu.
13Kepha kwakungekho muntu owakhuluma ngaye obala ngokwesaba abaJuda.
14Umkhosi usuphakathi uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.
15AmaJuda amangala, athi: “Lo wazi kanjani izincwadi engafundanga na?
16UJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami kayisiyo eyami, kodwa ngeyalowo ongithumileyo.
17Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.
18Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.
19UMose akaninikanga yini umthetho, kepha akakho kini ogcina umthetho na? Nifuna ukungibulala ngani na?
20Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena;
21UJesu waphendula wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke.
22Ngakho uMose uninikile ukusoka; (kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho), niyakusoka umuntu nangesabatha.
23Uma umuntu emukela ukusoka ngesabatha, ukuze kungephulwa umthetho kaMose; niyangithukuthelela, ngokuba ngiphilise umuntu ngesabatha na?
24Ningahluleli ngokubonakala, kodwa yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.
25Ngakho abanye kwabeJerusalema bathi: Lo kayisuye yini abafuna ukumbulala?
26Kodwa khangela, ukhuluma ngesibindi, kodwa kabatsho lutho kuye. Ingabe ababusi bayazi ngempela ukuthi lo unguKristu?
27Kodwa lo siyamazi lapho avela khona;
28Khona uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi lapho ngivela khona;
29Kodwa mina ngiyamazi, ngoba ngivela kuye, njalo nguye ongithumileyo.
30Base befuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.
31Abaningi esixukwini bakholwa kuye, bathi: “Nxa uKristu esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona na?
32AbaFarisi bezwa ixuku likhonona lezizinto ngaye; abaFarisi nabapristi abakhulu bathuma izikhonzi ukuba zimbambe.
33Khona uJesu wathi kubo: “Kuseyisikhashana nginani, bese ngiya kongithumileyo.
34Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina.
35Khona abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo ukuba singamfumani na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kwabezizwe, afundise abezizwe na?
36Yizwi lini leli alishoyo lokuthi: Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina na?
37Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.
38Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, kugobhoza esiswini sakhe imifula yamanzi aphilayo.
39(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)
40Ngakho abaningi esixukwini sebezwile leli zwi bathi: “Nempela lo ungumProfethi.”
41Abanye bathi: Lo unguKristu. Kepha abanye bathi: “UKristu angavela eGalile na?
42Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uzavela enzalweni kaDavide, naseBetlehema, emzini kaDavide, na?
43Kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.
44Abanye kubo babethanda ukumbamba; kodwa kakho owambeka izandla.
45Khona izikhonzi zafika kubapristi abakhulu nakubaFarisi; bathi kubo: “Animlethanga ngani na?
46Izikhonzi zaphendula zathi: Kakuzange kukhulume muntu njengalo.
47AbaFarisi basebephendula bathi: Lani lidukisiwe yini?
48Ukhona yini kubabusi noma kubaFarisi okholwe kuye na?
49Kepha lesi sizwe esingawazi umthetho siqalekisiwe.
50UNikodima wathi kubo, yena owafika kuJesu ebusuku engomunye wabo.
51Umthetho wethu uyamgweba yini umuntu, ungakamuzwa, wazi akwenzayo na?
52Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenya, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.
53Basuka, kwaba yilowo nalowo waya endlini yakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 7: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo