Johane 17:13-19

Johane 17:13-19 CZB24

Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Kangiceli ukuthi ubasuse emhlabeni, kodwa ukuthi ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso. Njengoba wangithuma emhlabeni, lami ngibathumile emhlabeni. Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.

Funda Johane 17

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo