NgokukaJohane 17:13-19

NgokukaJohane 17:13-19 ZUL59

“Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni. Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo