NgokukaJohane 17:13-19

NgokukaJohane 17:13-19 ZUL20

“Manje sengiza kuwe, ngikhuluma lokhu emhlabeni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba. Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owomhlaba. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela emhlabeni, nami ngibathumela emhlabeni. Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo