NgokukaJohane 17:13-19
NgokukaJohane 17:13-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Kangiceli ukuthi ubasuse emhlabeni, kodwa ukuthi ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso. Njengoba wangithuma emhlabeni, lami ngibathumile emhlabeni. Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.
NgokukaJohane 17:13-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Manje sengiza kuwe, ngikhuluma lokhu emhlabeni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba. Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owomhlaba. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela emhlabeni, nami ngibathumela emhlabeni. Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.
NgokukaJohane 17:13-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo. Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni. Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.
NgokukaJohane 17:13-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)