Kwakungumkhosi wokuhlanjululwa eJerusalema; kwakusebusika. UJesu wayehambahamba ethempelini ekhulusini likaSolomoni. Base bemhaqa abaJuda, bathi kuye: “Koze kube nini usenza singabaze na? Uma unguKristu, sitshele ngokusobala. UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshelile, kepha anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami. Kepha anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami, njengalokho ngasho kini. Izimvu zami ziyalizwa ilizwi lami, lami ngiyazazi, futhi ziyangilandela; Mina ngizinika ukuphila okuphakade; azisoze zabhubha naphakade, akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; futhi akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.
Funda Johane 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 10:22-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo