Johane 10

10
Johane 10
1Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi.
2Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu.
3Umlindisango uyamvulela; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe, ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.
4Nxa esezikhiphile ezakhe izimvu, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi izwi lakhe.
5Nomfokazi aziyikumlandela, kepha ziyakumbalekela, ngokuba azilazi izwi labafokazi.
6UJesu wakhuluma lo mfanekiso kubo, kepha bona kabaqondanga ukuthi kuyini abekukhuluma kubo.
7Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
8Bonke abake bafika ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga.
9Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo.
10Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
11Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
12Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze.
13Oqashwayo uyabaleka, ngokuba engoqashiwe, engazikhathaleli izimvu.
14Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa.
15Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
16Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha, ziyakuzwa izwi lami; futhi kuyoba mhlambi munye, nomalusi oyedwa.
17Ngakho uBaba uyangithanda, ngokuba mina ngidela ukuphila kwami, ukuze ngibuye ngikuthabathe.
18Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.
19Kwaphinda kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawa mazwi.
20Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlaleleni na?
21Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awonedemoni. Idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?
22Kwakungumkhosi wokuhlanjululwa eJerusalema; kwakusebusika.
23UJesu wayehambahamba ethempelini ekhulusini likaSolomoni.
24Base bemhaqa abaJuda, bathi kuye: “Koze kube nini usenza singabaze na? Uma unguKristu, sitshele ngokusobala.
25UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshelile, kepha anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.
26Kepha anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami, njengalokho ngasho kini.
27Izimvu zami ziyalizwa ilizwi lami, lami ngiyazazi, futhi ziyangilandela;
28Mina ngizinika ukuphila okuphakade; azisoze zabhubha naphakade, akakho ongazihlwitha esandleni sami.
29UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; futhi akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.
30Mina noBaba simunye.
31AmaJuda abuye athatha amatshe ukuze amkhande.
32UJesu wawaphendula wathi: Ngilitshengise imisebenzi eminengi emihle evela kuBaba; Yimuphi kule misebenzi eningikhandela yona na?
33AbaJuda bamphendula bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle; kodwa ukuhlambalaza; langoba wena ungumuntu uzenza uNkulunkulu.
34UJesu wabaphendula wathi: Kakulotshiwe yini emthethweni wenu ukuthi: Mina ngathi: Lingonkulunkulu?
35Uma wababiza ngokuthi ngonkulunkulu, okwafika kubo izwi likaNkulunkulu, nombhalo ungeqiwe;
36Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?
37Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, ningangikholwa;
38Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, nikholwe ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.
39Ngakho baphinda bafuna ukumbamba, kodwa waphunyuka esandleni sabo.
40Wabuye wamuka waya phesheya kweJordani, endaweni uJohane ayebhapathiza kuyo kuqala; wahlala khona.
41Abaningi beza kuye, bathi: “UJohane akenzanga sibonakaliso, kepha konke uJohane akushoyo ngalo muntu kwakuyiqiniso.
42Abaningi bakholwa kuye lapho.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 10: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo