Kwase kuba khona uMkhosi Wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika. UJesu wayehamba ethempelini, emphemeni kaSolomoni. Base bemngunga abaJuda, bathi kuye: “Kuyakuze kube nini silokhu sidukuza oswini na? Uma unguKhristu, sitshele ngokusobala.” UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yiyona efakaza ngami, kodwa nina anikholwa, ngokuba anisizo izimvu zami. Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela. Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.”
Funda NgokukaJohane 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 10:22-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo