NgokukaJohane 10:22-30
NgokukaJohane 10:22-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika. UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni. Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.” UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami. Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami. Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.”
NgokukaJohane 10:22-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakungumkhosi wokuhlanjululwa eJerusalema; kwakusebusika. UJesu wayehambahamba ethempelini ekhulusini likaSolomoni. Base bemhaqa abaJuda, bathi kuye: “Koze kube nini usenza singabaze na? Uma unguKristu, sitshele ngokusobala. UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshelile, kepha anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami. Kepha anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami, njengalokho ngasho kini. Izimvu zami ziyalizwa ilizwi lami, lami ngiyazazi, futhi ziyangilandela; Mina ngizinika ukuphila okuphakade; azisoze zabhubha naphakade, akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; futhi akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.
NgokukaJohane 10:22-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kuba khona uMkhosi Wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika. UJesu wayehamba ethempelini, emphemeni kaSolomoni. Base bemngunga abaJuda, bathi kuye: “Kuyakuze kube nini silokhu sidukuza oswini na? Uma unguKhristu, sitshele ngokusobala.” UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yiyona efakaza ngami, kodwa nina anikholwa, ngokuba anisizo izimvu zami. Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela. Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.”
NgokukaJohane 10:22-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)