Johane 10:1-17

Johane 10:1-17 CZB24

Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi. Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu. Umlindisango uyamvulela; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe, ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle. Nxa esezikhiphile ezakhe izimvu, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi izwi lakhe. Nomfokazi aziyikumlandela, kepha ziyakumbalekela, ngokuba azilazi izwi labafokazi. UJesu wakhuluma lo mfanekiso kubo, kepha bona kabaqondanga ukuthi kuyini abekukhuluma kubo. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abake bafika ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo. Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime. Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze. Oqashwayo uyabaleka, ngokuba engoqashiwe, engazikhathaleli izimvu. Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa. Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha, ziyakuzwa izwi lami; futhi kuyoba mhlambi munye, nomalusi oyedwa. Ngakho uBaba uyangithanda, ngokuba mina ngidela ukuphila kwami, ukuze ngibuye ngikuthabathe.

Funda Johane 10