NgokukaJohane 10:1-17

NgokukaJohane 10:1-17 ZUL20

UJesu wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa oweqa uthango, afohle, uyisela nomphangi. Kepha ongena ngesango, ungumelusi wezimvu. Umlindisango uyamvulela lowo, nezimvu ziyalizwa iphimbo lakhe; ezakhe izimvu uzibiza ngamagama, bese eziholela ngaphandle. Uma esezikhiphile zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi iphimbo lakhe. Kepha azisoze zamlandela umfokazi, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba azilazi iphimbo labafokazi.” UJesu wabalandisa lowo mzekeliso, kodwa abaqondanga ukuthi wayekhuluma ngani kubo. Ngalokho-ke uJesu wabuye wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abafika ngaphambi kwami babengamasela nabaphangi; izimvu azibalalelanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni. Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime. “Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze, ngokuba ungoqashiweyo, akanandaba nezimvu. “Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye. Ngakho-ke uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthathe futhi.