NgokukaJohane 10:1-17

NgokukaJohane 10:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa oweqa uthango, afohle, uyisela nomphangi. Kepha ongena ngesango, ungumelusi wezimvu. Umlindisango uyamvulela lowo, nezimvu ziyalizwa iphimbo lakhe; ezakhe izimvu uzibiza ngamagama, bese eziholela ngaphandle. Uma esezikhiphile zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi iphimbo lakhe. Kepha azisoze zamlandela umfokazi, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba azilazi iphimbo labafokazi.” UJesu wabalandisa lowo mzekeliso, kodwa abaqondanga ukuthi wayekhuluma ngani kubo. Ngalokho-ke uJesu wabuye wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abafika ngaphambi kwami babengamasela nabaphangi; izimvu azibalalelanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni. Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime. “Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze, ngokuba ungoqashiweyo, akanandaba nezimvu. “Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye. Ngakho-ke uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthathe futhi.

NgokukaJohane 10:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi. Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu. Umlindisango uyamvulela; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe, ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle. Nxa esezikhiphile ezakhe izimvu, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi izwi lakhe. Nomfokazi aziyikumlandela, kepha ziyakumbalekela, ngokuba azilazi izwi labafokazi. UJesu wakhuluma lo mfanekiso kubo, kepha bona kabaqondanga ukuthi kuyini abekukhuluma kubo. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abake bafika ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo. Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime. Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze. Oqashwayo uyabaleka, ngokuba engoqashiwe, engazikhathaleli izimvu. Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa. Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha, ziyakuzwa izwi lami; futhi kuyoba mhlambi munye, nomalusi oyedwa. Ngakho uBaba uyangithanda, ngokuba mina ngidela ukuphila kwami, ukuze ngibuye ngikuthabathe.

NgokukaJohane 10:1-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 10:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi. Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu. Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle. Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe. Kepha umfokazi azisoze zamlandela, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba zingalazi izwi labafokazi.” UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo. Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo. Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime. “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke – impisi izibhozomele, izihlakaze – ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu. “Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye. Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe.