Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane. Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali. Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. Ngakho-ke qaphela, ungaphuzi iwayini noma uphuzo oludakayo, futhi ungadli noma yini engcolile. Ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; nempuco ayiyikuthinta ekhanda lakhe, ngokuba indodana iyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; futhi uzoqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.
Funda Abahluleli 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Abahluleli 13:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo