Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane. Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali. Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. Ngalokho ake uxwaye ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”
Funda AbAhluleli 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AbAhluleli 13:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo