Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40. Kwakukhona indoda ethile eZora, yomndeni wakwaDani, igama layo kunguManowa. Umkayo wayeyinyumba, engenabantwana. Ingelosi kaSimakade yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Nanxa uyinyumba, ungakaze uzale bantwana, uzakukhulelwa, uzale indodana. Qaphela ukuthi ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo, ngoba uzakukhulelwa, uzale indodana: awuyukuliphuca ikhanda layo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni; nguye oyakuqala ukukhulula u-Israyeli esandleni samaFilisti.”
Funda Abehluleli 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Abehluleli 13:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo