AbAhluleli 13:1-5
AbAhluleli 13:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane. Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali. Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. Ngakho-ke qaphela, ungaphuzi iwayini noma uphuzo oludakayo, futhi ungadli noma yini engcolile. Ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; nempuco ayiyikuthinta ekhanda lakhe, ngokuba indodana iyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; futhi uzoqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.
AbAhluleli 13:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40. Kwakukhona indoda ethile eZora, yomndeni wakwaDani, igama layo kunguManowa. Umkayo wayeyinyumba, engenabantwana. Ingelosi kaSimakade yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Nanxa uyinyumba, ungakaze uzale bantwana, uzakukhulelwa, uzale indodana. Qaphela ukuthi ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo, ngoba uzakukhulelwa, uzale indodana: awuyukuliphuca ikhanda layo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni; nguye oyakuqala ukukhulula u-Israyeli esandleni samaFilisti.”

AbAhluleli 13:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane. Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali. Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. Ngalokho ake uxwaye ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”