Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo. Umuntu olingwayo makangasho ukuthi: Ngiyengwa nguNkulunkulu; Kodwa yilowo nalowo uyalingwa ehungwa ehungwa ngezakhe izinkanuko. Khona lapho inkanuko isithathile, ibeletha isono; Ningaduki, bazalwane bami abathandekayo. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe uhlobo lolibo lwezidalwa zakhe. Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela; Ngokuba ulaka lomuntu alukwenzi ukulunga kukaNkulunkulu. Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo engilazini; Ngokuba uyazibuka, asuke, akhohlwe masinyane ukuthi ubengumuntu onjani. Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.
Funda EkaJokobe 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: EkaJokobe 1:12-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo