EkaJakobe 1:12-25
EkaJakobe 1:12-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo. Umuntu olingwayo makangasho ukuthi: Ngiyengwa nguNkulunkulu; Kodwa yilowo nalowo uyalingwa ehungwa ehungwa ngezakhe izinkanuko. Khona lapho inkanuko isithathile, ibeletha isono; Ningaduki, bazalwane bami abathandekayo. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe uhlobo lolibo lwezidalwa zakhe. Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela; Ngokuba ulaka lomuntu alukwenzi ukulunga kukaNkulunkulu. Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo engilazini; Ngokuba uyazibuka, asuke, akhohlwe masinyane ukuthi ubengumuntu onjani. Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.
EkaJakobe 1:12-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo. Makungabi bikho muntu othi uma elingwa, athi: “Ngilingwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angelingwe ngokubi, naye luqobo kalingi muntu. Kepha yilowo nalowo muntu ulingwa, ahuhwe yizinkanuko zakhe, futhi ahuheke. Phela uma inkanuko isibambile, izala isono; nesono uma sesiphelelisiwe, sizala ukufa. Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe. Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela. Ngokuba ulaka lomuntu aluzuzi ukulunga kukaNkulunkulu. Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nobubi okukini, namukele ngobumnene izwi elitshalwe kini, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; uyazibuka, athi angahamba, akhohlwe masinyane ukuthi ubenjani. Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho wenkululeko nohlala kuwo, engesiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
EkaJakobe 1:12-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo. Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu. Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa. Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe. Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela; ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu. Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani. Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
EkaJakobe 1:12-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)