I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

EkaJakobe 1:12-25

EkaJakobe 1:12-25 - Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu. Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa.
Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.

Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela; ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu. Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani. Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo. Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu. Kepha yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa. Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo. Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka. Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe. Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela; ngokuba ulaka lomuntu alusebenzi ukulunga kukaNkulunkulu. Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani. Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.

EkaJakobe 1:12-25

EkaJakobe 1:12-25
I-YouVersion

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo