UDuteronomi 3:23-29

UDuteronomi 3:23-29 CZB24

Ngamncenga uJehova ngaleso sikhathi ngathi: O Nkosi Jehova, usuqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla; ngokuba yimuphi uNkulunkulu ezulwini noma emhlabeni ongenza ngokwemisebenzi yakho nangamandla akho na? Ake ngiwele ngibone izwe elihle ngaphesheya kweJordani, intaba enhle neLebanoni. Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangilalelanga; uJehova wathi kimi: “Makwanele; ungabe usakhuluma nami ngaloludaba. Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, ukubone ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani. Kodwa yala uJoshuwa, umkhuthaze, umqinise, ngoba yena uzachapha phambi kwalababantu, njalo uzabenza balidle ilifa lelizwe ozalibona. Sahlala esigodini esibhekene neBeti Peyori.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo