UDuteronomi 3:23-29
UDuteronomi 3:23-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngaleso sikhathi nganxusa kuSimakade, ngathi: ‘Nkosi Simakade, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza imisebenzi enjengeyakho nongenza imisebenzi emikhulu njengeyakho na? Ngiyacela, ngivumele ngiwele ukuze ngilibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, lelo lizwe elihle lezintaba kanye neLebhanoni.’ “Kepha uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, akabe esangilalela. USimakade wathi kimi: ‘Kwanele manje; ungaphinde ukhulume nami ngale ndaba. Khuphukela esicongweni iPhisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, enyakatho, eningizimu, nangasempumalanga, uzibonele ngokwakho, ngokuba awuyukuliwela leli Jordani. Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’ “Sahlala-ke esigodini esimalungana neBhethi Pheyori.”
UDuteronomi 3:23-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngaleso sikhathi ngacela kuJehova, ngathi: ‘Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na? Ake ngiwele, ngilibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, leyo ntaba enhle, neLebanoni.’ “Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangizwanga; uJehova wayesethi kimi: ‘Mawudele; ungabe usakhuluma nami ngale ndaba. Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu, nangasempumalanga, ulibheke ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani. Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’ Sahlala-ke esigodini esimalungana neBeti Peyori.
UDuteronomi 3:23-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngamncenga uJehova ngaleso sikhathi ngathi: O Nkosi Jehova, usuqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla; ngokuba yimuphi uNkulunkulu ezulwini noma emhlabeni ongenza ngokwemisebenzi yakho nangamandla akho na? Ake ngiwele ngibone izwe elihle ngaphesheya kweJordani, intaba enhle neLebanoni. Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangilalelanga; uJehova wathi kimi: “Makwanele; ungabe usakhuluma nami ngaloludaba. Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, ukubone ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani. Kodwa yala uJoshuwa, umkhuthaze, umqinise, ngoba yena uzachapha phambi kwalababantu, njalo uzabenza balidle ilifa lelizwe ozalibona. Sahlala esigodini esibhekene neBeti Peyori.