IDutheronomi 3

3
Inkulumo KaMose Isaqhubeka (3)
1 “Saphenduka, sakhuphuka ngendlela eya eBhashani, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, waphuma wazobhekana nathi, yena nabantu bakhe bonke, balwa nathi ngase-Edireyi. 2 USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngoba yena nabantu bakhe bonke nezwe lakhe ngikunikele esandleni sakho. Uyokwenza kuye njengoba wenzile kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.’
3“USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu. 4 Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akwaze kwasala muzi esingawudlanga: kwakuyimizi engama-60, sonke isifunda i-Arigobhi nombuso ka-Ogi eBhashani. 5Yonke leyo mizi yayibiyelwe ngezingange eziphakemeyo, inamasango nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu eyayingabiyelwe. 6 Sayibhubhisa yaphela nya, njengalokhu senza kuSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, sayishaya sayiqothula yonke imizi enamadoda, abesifazane, nezingane. 7 Sazithathela yonke imfuyo nempango eyayisemizini.
8“Salithatha ngaleso sikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kusukela esigodini i-Arinoni kuze kube sentabeni iHermoni. 9 IHermoni, abakwaSidoni bayibiza ngokuthi yiSiriyoni; ama-Amori wona ayibiza ngokuthi yiSeniri, 10sayithatha yonke imizi esethafeni lakwaGileyadi, iBhashani lonke kuze kube seSalekha nase-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani. 11 Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.
12 “Leli lizwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini i-Arinoni, nengxenye yelezintaba kwaGileyadi, nemizi yalo, sakunika abakwaRubeni nabakwaGadi. 13Ingxenye esele yakwaGileyadi, nalo lonke iBhashani, umbuso ka-Ogi, lokho ngakunika ingxenye yesizwana sakwaManase, sonke isifunda i-Arigobhi neBhashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa. 14 UJayire, indodana kaManase, wathatha sonke isifunda i-Arigobhi kuze kube semngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, iBhashani, walibiza ngegama lakhe wathi yiHawothi Jayire, kuze kube yinamuhla. 15 UMakhiri ngamnika elakwaGileyadi. 16AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika kusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini i-Arinoni, phakathi nesigodi kwaba ngumngcele wabo. Umfula iJakobi ingumngcele wabantu bakwa-Amoni, 17 i-Araba, neJordani kwaba ngumngcele kusukela eKhinerethi kuze kube solwandle i-Araba, kuya oLwandle Lukasawoti, phansi kwemithambeka iPhisiga, ngasempumalanga.
18 “Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile. 19 Kuyosala omkenu, izingane zenu, nemfuyo yenu kuphela, ngiyazi ukuthi ninemfuyo eningi; konke kuyosala emizini yenu engininike yona. 20 USimakade aze abanike abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba lowo nalowo abuyele efeni lakhe engimnike lona.’
21“Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Amehlo akho abonile konke uSimakade uNkulunkulu wenu akwenze kulawa makhosi amabili, ngakho-ke uSimakade uyokwenza kanjalo kuyo yonke imibuso enisazodabula kuyo. 22 Ningabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu nguye ozakunilwela.’
23 “Ngaleso sikhathi nganxusa kuSimakade, ngathi: 24 ‘Nkosi Simakade, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza imisebenzi enjengeyakho nongenza imisebenzi emikhulu njengeyakho na? 25Ngiyacela, ngivumele ngiwele ukuze ngilibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, lelo lizwe elihle lezintaba kanye neLebhanoni.’
26 “Kepha uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, akabe esangilalela. USimakade wathi kimi: ‘Kwanele manje; ungaphinde ukhulume nami ngale ndaba. 27 Khuphukela esicongweni iPhisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, enyakatho, eningizimu, nangasempumalanga, uzibonele ngokwakho, ngokuba awuyukuliwela leli Jordani. 28 Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’
29“Sahlala-ke esigodini esimalungana neBhethi Pheyori.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume